Njengesifunda sakwa Zulu-Natal, kuyasijabulisa ukubona igxathu esesilithathile emizameni yokubuyisa isithunzi sobuholi bendabuku, nokuzibandakanya kwabo kuzo zonke izinhla zokubusa, ikakhulukazi ebangeni lohulumeni basekhaya.
Mphathi wohlelo, sizwe saseMalangeni, ukuba lapha kusinikeza elikhulu isasasa leli ngoba lendawo yaseMalangeni indawo enomlando onzulu.
Lembe inkosi uShaka ka Senzangakhona. Siyazi futhi ukuthi khona la Emalangeni kwaphuma amaqhawe.
Kukuyo futhi lendawo lapho okwalahlelwa imindeni eminingi yabantu ababesuswa ngendluzula ezindaweni zabo ezazinothile. Nakuba zikhona izahluko ezingemnandi emlandweni walendawo, kodwa ilanga laqhubeka nokukhanya emalangeni.
Ngakhoke ukubekwa kwenkosi yethu lapha kwenzeka phezu komlando omkhulu futhi ngesikhathi esihle kakhulu lapho ubuholi bobukhosi bendabuko buguquka khona, buthatha igxathu elithe xaxa kunaphambilini. Lezi zinguquko zifaka phakathi ukuthi ubuholi bomdabu, nolawulo lwabo, buphindiselwa ezimpandeni zabo, ngokosiko lwesintu. Silapha namuhla sinokuqonda okugcwele ukuthi nakuba ukugcotshwa kwamaKhosi ethu kuwumkhosi obalulekile nohambisana nenjabulo kanye nokuziqhayisa ngamasiko, kodwa futhi kufaka phakathi umthetho, ukubusa ngendlela eyamukelekile kanye nokubaluleka kokunakekelwa kwamasiko.
Isakhiwo sobuholi bomdabu siye sathwala kanzima kakhulu ngemithetho eyahlukene yoHulumeni ababekhona phambilini. Kodwa manje lesisimo sesiyasiguqula.
Lukazwelonke omusha, uhlose ukuhlinzeka abaholi bomdabu ngamathuba okuqala uhlelo lokuqeda umthelela wezinqubomgomo zengcindezelo nobandlululo esakhiweni sobuholi bomdabu.
Sisonke sisebenze kanzima, ukufika lapho sikhona namuhla.. Njengamanje sisohlelweni lokuqalisa umithetho sivivinywa wesifundazwe obhekene nabaholi bomdabu kanye nokubusa, nozobhekelela izinto ezithinta thina njengesifundazwe ngqo. Lokhu kodwa angeke kube ukuchezuka eMthethweni Kazwelonke.
Emcimbini onjengalona kubalulekile ukuba sichaze izinto ngendlela eyiyo. Mangisebenzise leli thuba ukuqala nginichathazele ngamaphuzu osiko asemqoka mayelana nomcimbi wokugcotshwa kwenkosi. Yize kusazoba khona umthetho esifundazweni ozonikeza imininingwane ngalokhu.
Kodwa kafushane ngingasho manje lapha ukuthi, umndeni weNkosi usuyilimile indima yawo ngokuba uqoke inkosi u -Ngcobo njengenkosi yesizwe saseMalangeni. Okuzolandela wukuthi umzila wendabuko uzoqedelelwa Isilo SamaBandla, lapho kuzoba khona nomkhuba wethu omdala okungumkhosi wekuthela amanzi. Lolusiko lubalulekile kakhulu ngoba phela isilo yisona esigcoba amakhosi kanti futhi amakhosi aphathele isilo. Lolusiko sifisa luhlonishwe kanti sinxusa yonke inkosi ezogcotshwa ukuba ilulandele lolusiko. Angazi - ke ukuthi bangaki kithina abawaziyo noma abasawakhumbula la masiko, njengoba sekukuningi okomdabu kwethu osekusilahlekele kule minyaka yemibuso edlule.
Ngike ngasho ukuthi sesithathe amagxathu amakhulu ekubuyiseleni isithunzi samakhosi.
Ngibalule izinyathelo zezomthetho kanye nezinye esesizithathile ukuqinisekisa ukuthi isakhiwo sethu sobuholi bomdabu sinikezwa indawo yaso esifanele. Lo mzamo ufaka phakathi ukuthi ekugcineni iqhaza lamakhosi ekuletheni intuthuko lihlonishwe.
Siyazi ukuthi likhulu iqhaza INkosi u-Ngcobo kanye nomkhandlu wakhe, kanye namanye amakhosi, njengomongo wesakhiwo sobuholi bomdabu, asebelibambile ezinhlelweni zokuletha intuthuko, ngakho manje Ondabezitha bayamenywa njengokulawula ngokuhambisana nohlaka lomithetho, ukuzobonisana kanye nokubambisana nezinhlaka zohulumeni basekhaya ukuze kusheshiswe ukulethwa kwentuthuko emphakathini wamakhosi.
uHulumeni ukholelwa ekutheni intuthuko kanye nokulethwa kwezidingo kungasheshiswa ngokuhlanganisa imizamo yamakhosi kanye namakhansela akhethwe ngentando yeningi.
Imizamo yeNkosi u-Ngcobo ekuletheni intuthuko kule ndawo ngiyakholwa nonke niyayazi.
Alukho ungabazane ngokuzinikela kweNkosi entuthukweni.
IDP, sikubona kuzoba nomthelela omuhle kakhulu ekuphuculeni izimpilo zabantu ngokusheshisa, nokulethwa kwezidingo. Sonke siyabona ukuthi nakuba inkosi iyenza imizamo, kodwa indawo yeNkosi, njengezinye eziningi isasilele kakhulu emuva ngasekulethweni kwezingqala sizinda zentuthuko. Lesisimo yisimo esingamukelekile. Singuhulumeni sikholelwa wukuthi umphakathi kufuneka uthuthuke ngokulinganayo, akumele kube neziqhingi zobucebi olwandle lwenhlupheko nokweswela. Futhi akufuneki kube nabantu abaphila kahle kakhulu kube kukhona abahlupheka kakhulu. Lesi yisimo omasipala okumele basihlole babuye basilungise ngokubambisana namakhosi kanye nemkhandlu yawo.
Sengilibalulile iqhaza lesakhiwo sobuholi bomdabu ekuletheni intuthuko, kumele futhi silihloniphe iqhaza labo ezigamekweni zomlando ezisenze safika lapho sikhona namuhla.
Umlando uyasitshela ukuthi ekuvikeleni abantu bawo, amasiko kanye nomhlaba amaKhosi amaningi kufaka phakathi nalawo avela kulezi zintaba namathafa, athatha izikhali alwa nabacindezeli kanye nobandlululo. Emcimbini onjengalona asikwazi ukukhohlwa ubuqhawe bukaBhambatha kaMancinza, okwathi noma esehluliwe ngamandla ezikhali zesimanje zabahlaseli, wakha isisekelo senkululeko nentando yeningi esiyigubhayo namuhla.
Ngalokho-ke umcimbi wokubekwa ngokusemthethweni namuhla kweNkosi u-Ngcobo uqinisa ukuqhubeka kokhondolo lobuqhawe obelulokhu njalo luyingxenye yamakhosi amaningi kulesi sifundazwe kanye nokuzinikela ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu.
Mphathi Wohlelo, uhulumeni wethu uwazisa kakhulu amakhosi, hhayi nje ngoba engabagcini bamasiko nemikhuba yesintu, kodwa futhi ngoba amele ingxenye ebalulekile yentando yethu yeningi eyesekelwe ngumthetho-sisekelo.
Kuhlala njalo kuyinjongongqangi kaHulumeni wethu ukuqinisekisa ukuthi izakhiwo zobuholi bomdabu ziyaqiniswa.
UHulumeni waKwaZulu-Natali ukholelwa ukuthi isidingo sobukhona babaholi bomdabu kanye nezinhlaka ezikhethwe ngentando yeningi kufanelwe kuvikelwe, kuthuthukiswe kubuye kwenziwe ngcono izimpilo zabantu bakithi. Iqiniso ukuthi njengelizwe nanjengesifundazwe sikolukhulu uguquko kwezomnotho nakwezenhlalo. Siphila kwiNingizimu Afrika lapho khona intando yeningi kanye nentuthuko sekuyikhona okuhamba phambili.
Noma ngabe ungumholi womdabu, ikhansela noma iLungu lePhalamende, kodwa uneqhaza elibalulekile nelidingekayo ekufezeni injongo yethu yokuqeda ukungasebenzi, indlala kanye nobuphofu.
Ukugcotshwa kukaNdabezitha uMapholoba, namuhla, kwenzeka ngesikhathi lapho uHulumeni egxile kakhulu ekuvuseleleni ithemba labantu bakithi koHulumeni baseKhaya. Lokhu kufaka phakathi ukwakhiwa kwamaxhama okuxhumana phakathi koHulumeni baseKhaya kanye nezakhiwo zobuholi bomdabu. Alukho ungabazane ukuthi ukwakhiwa ngempumelelo kwamaxhama okusebenzisana phakathi kwazozonke izinhla zobuholi bomphakathi kuyokwenza kube nokulethwa kwezidingo ezisemqoka nokuyinto eyokwenza ngcono ngokushesha izinga lempilo kubantu basemakhaya.
Kuyasikhuthaza ukuba sobala kweziGaba 211 no-212 zoMthethosisekelo wethu, nezikucacisa ngokusobala ukuhlonishwa neqhaza labaholi bomdabu ngokwahlukana kwazo. Le nhlinzeko ekumthethosisekelo inikeza imininingwane edingekayo ngeqhaza nemisebenzi yabaholi bomdabu ngokuqondene nokusebenza kohlelo lwentando yeningi.
NjengoNgqongqoshe obhekene neziNdaba Zomdabu, ngiphosa inselelo kuwo wonke amakhosi ukuba akhombise umfutho nesibindi esifanayo nesakhonjiswa okhokho bethu ekulweni nobandlululo kanye nabagcindezeli ngokuthi bagqugquzele futhi bakhulise amathuba achazwe kumthetho omusha.
Kumele sibone kulesi sifundazwe intokozo nomdlandla ngokusungulwa kweMikhandlu Yomdabu kanye neZindlu Zezifunda zabaholi bendabuko njengoba kuhlongozwa umthetho omusha.
Ngaphezu kwalokho kumele sibone ukushesha kokusungulwa kwamaxhama okusebenzisana phakathi komasipala kanye nezakhiwo zobuholi bomdabu. Asikwazi ukuthi singahluleka ekuphothuleni umsebenzi esawuqala eminyakeni eminingi eyedlule. Kumele sizikhumbuze ukuthi sidla izithelo zomzabalazo walabo abangasekho kanye nathi, abanikela ngezimpilo zabo ukuze sibe nomthethosisekelo esinawo namuhla.
Kuyo yonke imizamo yethu, kumele sikhuthaze ubudlewane obunokuzwana phakathi kwabaholi bomdabu kanye nayo yonke imikhakha kahulumeni esifundazweni sethu. Uma izinjongongqangi zethu sizihlelela ngokufanele, siyophumelela ekubhekaneni nezinselelo zokulethwa kwezidingo ezibhekene nesifundazwe sethu, nesengike ngazibalula phambilini. Kulesi sifundazwe sinabantu abaningi abahluphekayo ezindaweni zamakhosi. Asingeke sikuvumele ukungaboni ngaso linye kanye nokwahluleka ezingeni lokubambisana kwezakhiwo zobuholi bomphakathi kushiye abahlwempu beshaywe indiva.
NjengoNgqongqoshe ngizimisele ukubhekana nezingqinamba eziphathelene nengqalasizinda amakhosi angaba nazo ekubambeni leli qhaza.
Njengabaholi abasimele emphakathini amaKhosi aphethe izikhundla zomphakathi. Ngakho kubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi akhombise ubuholi obuyisibonelo. Emlandweni siyalazi iqhaza eligqamile elidlalwe ngamakhosi ukuvikela abantu bawo. Kungenxa yaleso sizathu esenza ukuba nginxenxe wonke amakhosi ukuba angazibandakanyi ezintwemi ezingathunaza isithunzi sobukhosi. Kumele futhi sibaqaphele labo abafuna ukubeka amakhosi njengabantu abangahambisani noguquko kanye nentuthuko, ukuze bafeze izinhloso ezizozuzisa bona bodwana. Njengabaholi bomphakathi ngiyaninxusa boNdabezitha ukuba nilandele umgomo wokuziphatha njengoba ubekwe kuMthetho Wamakhosi Neziphakanyiswa. Asingabi khona isikhathi lapho sesizithola siphoselwa inselelo yokuthi size sisebenzise umthetho ukuze sivikele isithunzi sobukhosi esifundazweni sethu.
Kwezimali Zomphakathi (PFMA). Angithandi ukuchitha isikhathi ngikhuluma ngalolu daba, ngaphandle kokusho nje, namuhla ukuthi akumele sehlise isithunzi salesi sakhiwo.
Okufunwa wuMthetho Wokuphathwa Kwezimali yomphakathi kucacile. Okusemqoka kakhulu ukuthi sibe nesibopho sokubika ngaso sonke isikhathi ngezinsizasidingo zomphakathi esizisebenzisayo. Kumele sihloniphe imigomo eyamukelekile yokubalwa kwezimali. Amakhosi kumele akwamukele ukuthi njengathi sonke, nawawo amabhuku azocwaningwa. Kuzomele siwagcine kahle amaresidi.
Kwezimali Zikamasipala nawo onezawo izimfuneko okumele zilandelwe. Ukwengeza kulokhu okungenhla, amakhosi njengesakhiwo solawulo, nawo abhekene nezimfuneko zolawulo oluhle njengathi sonke esikuhulumeni namuhla.
Mphathi Wohlelo, uma lezi zinto sizenza ngemfanelo, sizobuyisela ukwethembela kwabantu ohlelweni lolawulo lomdabu kanye nasohlelweni lohulumeni basekhaya. Kuyiphuzu elisemqoka futhi lolawulo oluhle ukuba kukhishwe ezombusazwe kwiqhaza nemisebenzi yeNkosi nomkhandlu wayo. Kuyoba ihlazo uma ukuchema ngokweqembu lezombusazwe kuba yiyonanto ebusayo ekutheni umphakathi uyafinyelela yini kubaholi bomdabu kule ndawo.
Mphathi Wohlelo, bafowethu nodadewethu, senginelulekile futhi ngizibalulile izinto ezisemqoka ezithinta ubukhosi, Ngakho sijabula kakhulu ukuthi sibuse kanye nesizwe senkosi lapha namhlanje. Mangithathe lelithuba ngihalalisela iNkosi u-Ngcobo ngokugcotshwa kwayo ngokusemthethweni namhlanje. Ngiyifisela unwele olude kanye nempumelelo, ikakhulukazi ekubambisaneni namazinga ehlukene kahulumeni emshikashikeni wokuletha izidingo nentuthuko kubantu balapha.
Ngifisa ukugqugquzela umphakathi ukuba ubambe iqhaza ngokugcwele emihlanganweni kanye nasezimbizweni okuhloswe ngazo ukubuka izindaba ezithinta intuthuko nokunye kule ndawo.
Ngekhaya, Isizwe yisizwe ngokweseka nokubambisana nobuholi baso.
